Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi;
1 Samuweli 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi. IsiZulu 2020 U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umfana wakhonza uJehova phambi kompristi u-Eli. |
Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi;
Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.
ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.
USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.
Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.
USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.
Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.