USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.
1 Samuweli 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule nabantu bakwa-Israyeli babuthana, bamisa esigodini sase-Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti. IsiZulu 2020 USawule no-Israyeli babuthana, bakanisa esigodini i-Ela, impi bayihlela ngezigaba zayo ukuze ibhekane neyamaFilisti. Contemporary Zulu Bible 2024 USawuli lamadoda akoIsrayeli basebebuthana bamisa inkamba esigodini seEla, bahlela impi ukumelana lamaFilisti. |
USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.
AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, u-Israyeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo.
Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.
Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.” UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”