WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
1 Samuweli 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi. IsiZulu 2020 AmaFilisti ahlanganisa amabutho awo ukuba ayokulwa; abuthana eSoko kwaJuda, akanisa phakathi kweSoko ne-Azekha, e-Efesi Damimi. Contemporary Zulu Bible 2024 AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi. |
WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.
Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.
AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.
Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.
AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.