Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci.
1 Samuweli 16:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.” IsiZulu 2020 Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ubizele uJese emhlatshelweni, mina-ke ngizakutshengisa ofanele ukwenze; futhi kumelwe ungigcobele lowo engikubizele yena. |
Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci.
uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’
Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.
“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”