1 Samuweli 15:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. IsiZulu 2020 USawule wabiza abantu wababuthela eThelayimi; babeyizi-200 000 zemigundatshani nezi-10 000 zabantu bakwaJuda. Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wabiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zakwaJuda. |
Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu.
USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.