Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 15:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Manje hamba ushaye u-Amaleki, uchithe konke anakho, ungawayekeli; kodwa nihlabe iduna nensikazi, nezinsana, nezinsana, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 15:3
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.


“Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’


UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”


Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.


walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.


Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi.


UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’


Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.


INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.


UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.


UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.