Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.
1 Samuweli 14:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. IsiZulu 2020 U-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikhabhodi kaFinehasi ka-Eli, umphristi kaSimakade eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. Contemporary Zulu Bible 2024 no-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, enengubo yehlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. |
Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.
USawule wathi: “Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo.” Bathi: “Yenza konke okuhle emehlweni akho.” Umpristi wayesethi: “Masisondele lapha kuNkulunkulu.”
USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.
Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.
Omunye wamadodana ka-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.
Wamqamba umntwana ngokuthi u-Ikabodi,* ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.
Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.