UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.
1 Samuweli 11:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi kuzo izithunywa ezazifikile: “Niyakusho kanje kubantu baseJabeshi Gileyadi, nithi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza. IsiZulu 2020 Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza. Contemporary Zulu Bible 2024 Basebesithi kuzo izithunywa ezafikayo: Lizakutsho njalo emadodeni eJabeshi eGileyadi: Kusasa ekutshiseni kwelanga lizaba losizo. Zafika izithunywa, zabatshela amadoda aseJabeshi; futhi bajabula. |
UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.
kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.
Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni.
Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: “Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu.”
Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu.