1 Samuweli 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. IsiZulu 2020 UHana wayekhuluma ngenhliziyo engaphumiseli mazwi ngomlomo, kwakunyakaza izindebe zomlomo kuphela. Ekubona lokho u-Eli, wacabanga ukuthi udakiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 UHana wakhuluma enhliziyweni yakhe; kwanyakaza izindebe zomlomo wakhe kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. |
UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.