URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”
1 Samuweli 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. IsiZulu 2020 Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu. |
URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”
Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.
Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.
Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.
“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.
“Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.
Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami.
Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na?” usho uNkulunkulu wakho.
Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
Ningakhaleli ofileyo, ningamlileli, kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo, ngokuba akasayikubuya, kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.
Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.
Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.
Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”
UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova.