Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
1 kaPetru 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, IsiZulu 2020 Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona. Baasraak Zulu New Testament Bible okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini; Contemporary Zulu Bible 2024 Okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini; |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.
ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.
usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.
INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”
Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”
Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”
Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”
Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.
Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,
Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.
bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;
Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.