“Qha, nkosi yami, ngicela ungizwe kahle. Ngiyakunika le nsimu, futhi ngiyakunika nomgede okuyo. Ngikunika yona phambi kwabantu bakithi, mngcwabe umkakho kuyo.”
URuthe 4:9 - IsiZulu 2020 Wathi kumalunga nakubo bonke abantu ababelapho: “Namhlanje ningofakazi bokuthi ngikuthenge konke okuka-Elimelekhi nalokho okwakungokukaKhiliyoni noMahaloni obekusesandleni sikaNawomi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi. Contemporary Zulu Bible 2024 UBhowazi wayesethi emadodeni amadala nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla bokuthi ngithenge konke okungokuka-Elimeleki nakho konke okungokukaKiliyoni nokukaMagiloni esandleni sikaNawomi. |
“Qha, nkosi yami, ngicela ungizwe kahle. Ngiyakunika le nsimu, futhi ngiyakunika nomgede okuyo. Ngikunika yona phambi kwabantu bakithi, mngcwabe umkakho kuyo.”
Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona.
NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”