Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”
URuthe 3:10 - IsiZulu 2020 Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami, ngokuba wenze umusa omkhulu ekugcineni kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, ezimpofu nezicebile. |
Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”
UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.
UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini.
UNawomi wathi kumalokazana wakwakhe: “USimakade makambusise lowo muntu ongakaze ayeke ukubenzela umusa abaphilayo nabafileyo.” UNawomi wayeseqhubeka ethi kuRuthi: “Leyo ndoda iyisihlobo sethu esisondele; ingomunye wabahlengi bethu.”
Esekhona lapho, bheka kwafika uBhowazi evela eBhethlehema wathi kubavuni: “USimakade makabe nani.” Bamphendula bathi: “USimakade makakubusise.”
Wambuza wathi: “Ungubani wena, na?” Waphendula wathi: “NginguRuthi, incekukazi yakho. Ake welule ichopho lengubo yakho ungifukamele, ngokuba ungumhlengi.”
USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.”