UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.
URuthe 2:9 - IsiZulu 2020 Amehlo akho awanamathele ensimini eziyivunayo; ngibadonse ngendlebe abafana ukuthi bangakuthinti. Uma womile ubokuya ezitsheni uphuze lokho okukhiwe ngabafana.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo, uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.” Contemporary Zulu Bible 2024 Amehlo akho mawabe sezweni abalivunayo, ubalandele; Angiziyalanga yini izinsizwa ukuba zingakuthinteli na? uma womile, hamba uye ezitsheni, uphuze okudotshwe yizinsizwa. |
UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.
Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.
Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”
Manje, maqondana nalokho enangilobela ngakho: kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane.
Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.
URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”
UBhowazi wayesethi kuRuthi: “Lalela lapha ndodakazi yami. Ungayi ukuyokhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha; sondelana nezincekukazi zami.