UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.
URuthe 2:11 - IsiZulu 2020 UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili. Contemporary Zulu Bible 2024 UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili. |
UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.
Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,
Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.
Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu.
Yikuphi okulula ukukusho, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ngukuthi: ‘Vuka uhambe na?’
UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na?
URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”
Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”
Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu.
Uzovuselela ukuphila kwakho, akugcine ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakwakho okuthandayo ukuzalele yena, ongcono kuwe ukwedlula amadodana ayisikhombisa.”