Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




URuthe 2:11 - IsiZulu 2020

UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili.

Uka jalj uñjjattʼäta



URuthe 2:11
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,


Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.


Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu.


Yikuphi okulula ukukusho, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ngukuthi: ‘Vuka uhambe na?’


UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na?


URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”


Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”


Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu.


Uzovuselela ukuphila kwakho, akugcine ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakwakho okuthandayo ukuzalele yena, ongcono kuwe ukwedlula amadodana ayisikhombisa.”