Uyothi enhliziyweni yakho: ‘Ngubani ongizalele laba bantwana, lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho, ngingumthunjwa nozulane na? Ngubani obakhulisile laba na? Bheka, ngasala ngedwa, babekuphi laba na?’ ”
URuthe 1:5 - IsiZulu 2020 Bobabili oMahaloni noKhiliyoni bafa. UNawomi wayesefelwe ngumyeni wakhe namadodana akhe omabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane wasala namadodana akhe amabili nomyeni wakhe. |
Uyothi enhliziyweni yakho: ‘Ngubani ongizalele laba bantwana, lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho, ngingumthunjwa nozulane na? Ngubani obakhulisile laba na? Bheka, ngasala ngedwa, babekuphi laba na?’ ”
Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela.
“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.
Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona.
Lawo madodana azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi, owokuqala kwakungu-Orpha owesibili kunguRuthi; bahlala nabo iminyaka ebalelwa eshumini.
Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.