wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
URuthe 1:21 - IsiZulu 2020 Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphuma ngigcwele, uJehova wangibuyisa ngize; ningibizelani ngokuthi nginguNawomi, lokhu uJehova efakaza ngami, nokuthi uSomandla ungicindezele na? |
wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amaviyo ngamaviyo angithelekele.
Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
Ungibambile, lokhu kungubufakazi, ukuzaca kwami kumile kungubufakazi phambi kwami.
Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.”