Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




URuthe 1:11 - IsiZulu 2020

UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathi uNawomi: “Buyelani, madodakazi ami, niyakuhamba nami ngani na?” Asekhona amadodana esizalweni sami ukuba abe ngabayeni benu na?

Uka jalj uñjjattʼäta



URuthe 1:11
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda wayesethi kuThamari, umalokazana wakwakhe: “Kungcono uhlale ube ngumfelokazi emzini kayihlo kuze kukhule indodana yami uShela.” Ngokuba uJuda wathi: “Angase afe naye lo njengabafowabo.” UThamari wahamba wayohlala emzini kayise.


U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.


“Uma abozalo behlala ndawonye, omunye wabo efa engenandodana, umfazi wofileyo akayukugana umfokazi ongaphandle, kodwa umfowabo wendoda yakhe uyakumngena, amthathe abe ngumkakhe, aphelelise wonke amalungelo endoda kuye.


Bathi kuye: “Qha, sizohamba nawe sibuyele nawe kubantu bakini!”


Buyelani emuva madodakazi ami, hambani, ngokuba sengimdala ukuba ngisengagana ngibe nomyeni. Noma ngabe belikhona ithemba lokuba ngingathola indoda ngilale nayo namhlanje ebusuku bese ngiyakhulelwa ngizale amadodana,