Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
UNumeri 9:21 - IsiZulu 2020 Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho ifu lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni, nefu liphakama ekuseni, basuka; noma kwakusemini noma ebusuku ukuthi ifu lenyuka, bahamba. |
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
Ngesinye isikhathi ifu lalima phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbalwa. Babehlala enkanjini ngokwesiyalezo sikaSimakade, bahambe futhi njengokuyala kukaSimakade.
Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.