ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
UNumeri 9:20 - IsiZulu 2020 Ngesinye isikhathi ifu lalima phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbalwa. Babehlala enkanjini ngokwesiyalezo sikaSimakade, bahambe futhi njengokuyala kukaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu,* nangesiyalezo sikaJehova bahamba. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho ifu liphezu kwetabernakele izinsuku ezimbalwa; njengokwesiyalezo sikaJehova bahlala ematendeni abo, basuka njengomyalo kaJehova. |
ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
Abakwa-Israyeli babesuka njengokusho kukaSimakade, kuthi ngokuyala kwakhe bakanise sonke isikhathi lapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli.
Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi.
Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo.
Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.