Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.
UNumeri 9:17 - IsiZulu 2020 Noma yinini lapho ifu liphakama ethendeni, abakwa-Israyeli babehamba, kuthi lapho ifu lima khona, nabo bakanise lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ifu lisuka etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli basuka emva kwalo; endaweni lapho ifu lihlala khona, abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona amatende abo. |
Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.
Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.
Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni.