Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika.
UNumeri 9:14 - IsiZulu 2020 “ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, egcina iphasika kube yinkazimulo kaJehova; njengokwesimiso sephasika nangokwesiko lalo uyakwenza kanjalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. |
Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,
Awuyukuvuna konke esivinini sakho, awuyukubutha amagilebhisi avuthuluke kuso, uyowashiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.
Aniyukwemukela lutho esandleni sowezizwe, bese ninikela ngakho kube yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba kunikelwe kunokungcola kukho, ngakho-ke akuyukwemukeleka.’ ”
Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
niyakuthengiselana nomakhelwane wakho kuye ngenani leminyaka emva kwejubhili nangenani leminyaka yomkhiqizo.
Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.
Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”
izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi,
Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,