Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
UNumeri 8:26 - IsiZulu 2020 Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kumelwe bakhonze kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana ukuze bagcine inkonzo futhi bangenzi msebenzi wenkonzo. Uyakwenze njalo kumaLevi lokho okuthinta umyalo wawo. |
Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
Bayakuba yizikhonzi endlini yami engcwele, babengababonisi emasangweni endlu, bakhonze endlini, bahlabe imihlatshelo yokushiswa nabayihlabela abantu, bame phambi kwabo ukuba basize abantu.
Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe.
U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umphristi uyokwengamela abaLevi, abheke abenza imisebenzi endaweni engcwele.
Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”
Kusukela kwabaneminyaka engama-50 bayoyeka ukwenza umsebenzi wenkonzo, abasayukuphinde bawenze futhi.
Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke.