Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.
UNumeri 7:39 - IsiZulu 2020 neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa, IBHAYIBHELI ELINGCWELE neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, Contemporary Zulu Bible 2024 ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, iwundlu lemvu elimnyaka munye kube ngumnikelo wokutshiswa; |
Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.
Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.
Kepha isahlukwana sombhalo eyayisifunda yilesi esithi: “Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi komgundi wayo, akawuvulanga umlomo wakhe.
kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.
Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.