Waphakamisa amehlo, wabona umfowabo uBhenjamini, abashiyelana naye ibele, wathi: “Nguye lo umfowenu omncane enangitshela ngaye na?” Wathi kuBhenjamini: “Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kuwe ndodana yami.”
UNumeri 6:25 - IsiZulu 2020 uSimakade makakhanyise ubuso bakhe kuwe, abe nomusa kuwe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho, abe nomusa kuwe; Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi izakhanyisa ubuso bayo phezu kwakho, ibe lesihawu kuwe. |
Waphakamisa amehlo, wabona umfowabo uBhenjamini, abashiyelana naye ibele, wathi: “Nguye lo umfowenu omncane enangitshela ngaye na?” Wathi kuBhenjamini: “Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kuwe ndodana yami.”
Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
Ubeke injabulo enhliziyweni yami, eyedlula leyo yesikhathi lapho kunensada yokusanhlamvu, neyewayini labo elisha.
UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
Sibuyise, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
Phendukela ngakimi, ube nomusa kimi, inceku yakho yiphe amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.
USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”
“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.
“Manje-ke ake ninxuse uNkulunkulu ukuba abe nobubele kithi. Ngalokhu okunje okusezandleni zenu, ngabe uyakunemukela yini na?” kusho uSimakade Wamabandla.
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.