UNumeri 6:19 - IsiZulu 2020 “ ‘Umphristi uyothatha umkhono wenqama ophekiweyo, neqebelengwane eqomeni, nekhekheba elingenamvubelo, akubeke ezandleni zomnaziri, ngesikhathi esephucule ubunaziri bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Umpristi kumelwe athathe umlenze omanzi wenqama neqebelengwane elilodwa elingenamvubelo eqomeni neqebelengwane elilodwa elingenamvubelo akubeke ezandleni zomNaziri ngemva kokuba esephuciwe izinwele zakhe. |
Uyakuwuletha ngezandla zakhe umnikelo wokushiswa kaSimakade. Uyoletha amanoni nesifuba ukuze isifuba sizungeziswe, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.
konke lokhu wakunika u-Aroni namadodana akhe ezandleni, wakuzulazulisa kwaba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade.
UMose wathi ku-Aroni namadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wethende lokuhlangana, niyidle lapho nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokhu ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayokukudla.’
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade,
Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.”