iqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo.
UNumeri 6:16 - IsiZulu 2020 “ ‘Umphristi uyakukuletha phambi kukaSimakade, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Umpristi kumelwe awulethe phambi kukaJehova futhi alethe umnikelo wakhe wesono nomnikelo wawo wokushiswa. |
iqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo.
Uyonikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kuSimakade neqoma lesinkwa esingenamvubelo. Umphristi uyobuye anikele ngomnikelo wayo wokusanhlamvu nangowokuphuzwayo.
“AbaLevi bayobeka izandla zabo ezinhlokweni zamaduna, wena unikele ngelinye lawo libe ngumnikelo wesono, nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, ubenzele abaLevi ukubuyisana.