UNumeri 5:31 - IsiZulu 2020 Indoda iyakukhululeka ebubini, kodwa owesifazane uyobuthwala ububi bakhe.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke indoda iyakuba msulwa ebubini, futhi lona wesifazane uyothwala ububi bakhe. |
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.
“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.
nalapho indoda ivukwa yisikhwele, iba nesikhwele ngomkayo: iyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, umphristi enze kuye konke okubalulwa yilo mthetho.
Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.