UNabothi wayesethi ku-Ahabi: “Anginakukwenza lokho, ngenxa kaSimakade, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami.”
UNumeri 36:7 - IsiZulu 2020 ukuze kungabikho ifa labantu bakwa-Israyeli eliyakudluliselwa kwezinye izizwana, yilowo nalowo wabantu bakwa-Israyeli uyakunamathela efeni lesizwana sokhokho bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ifa labantwana bakwa-Israyeli ngeke lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye, ngoba abantwana bakwa-Israyeli kumelwe balondoloze yilowo nalowo efeni lesizwe soyise. |
UNabothi wayesethi ku-Ahabi: “Anginakukwenza lokho, ngenxa kaSimakade, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami.”
Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizwaneni esithile sabakwa-Israyeli, iyakugana omunye womndeni wesizwana sikayise, ukuze bonke abakwa-Israyeli babe nefa esabelweni sokhokho babo.
Akukho lifa eliyakuthathwa lidluliselwe kwesinye isizwana, ngokuba yileso naleso sizwana sakwa-Israyeli siyakunamathela efeni laso.”
Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’