UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
UNumeri 36:11 - IsiZulu 2020 UMahela, uThiriza, uHogila, uMilikha, noNowa, amadodakazi kaZelofehadi, agana amadodana abafowabo bakayise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uMagila, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana abafowabo bakayise. |
UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
Agana emindenini yozalo lukaManase, indodana kaJosefa, kwathi ifa lawo lahlala esizwaneni somndeni kayise.