Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo.
UNumeri 35:4 - IsiZulu 2020 “Amadlelo emizi eniyowanika abaLevi ayosuka ogangeni lomuzi, amakhubhithi ayinkulungwane, nxazonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Idlelo lemizi eniyakunika amaLevi liyakusukela odongeni lomuzi lidlule izingalo eziyinkulungwane nxazonke. |
Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo.
Umuzi niyakuwulinganisa ngaphandle kanje: ngasempumalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, eningizimu, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, entshonalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000 nangasenyakatho, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000; umuzi ube phakathi. Lokho kuyoba ngamadlelo emizi yabo.