Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.
UNumeri 35:11 - IsiZulu 2020 niyoqoka imizi yokuphephela lapho umbulali obulale umuntu ngokungeyona inhloso eyobalekela khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakumisela imizi eyakuba yimizi ekhululekile kini; ukuze umbulali abalekele khona, obulale umuntu engazi. |
Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,
“ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,
Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.
“Imizi eniyoyinika abaLevi iyoba yimizi eyisithupha yokuphephela, lapho umbulali eyobalekela khona ukuba aphephe kuyo. Ngaphandle kwayo, niyobanika imizi engama-42.
ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe engahlosile, ebekade engamzondi, uyophila uma ebalekela komunye waleyo mizi:
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose