Wayesethi ku-Abhrama: “NginguSimakade owakukhipha e-Uri lamaKhaledi ukuba ngikunike leli lizwe libe yifa lakho.”
UNumeri 33:53 - IsiZulu 2020 Izwe niyakulidla, nihlale kulo, ngokuba ngininike lona ukuba nilidle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nixoshe abakhileyo ezweni futhi nihlale kulo, ngoba ngininikile izwe ukuba nilidle. |
Wayesethi ku-Abhrama: “NginguSimakade owakukhipha e-Uri lamaKhaledi ukuba ngikunike leli lizwe libe yifa lakho.”
“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’
sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”
Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’
Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukuba nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, niyakulidla, nihlale kulo.
“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.
OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.
“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.
USimakade uNkulunkulu wenu uyakuzixosha, azidungule phambi kwenu; niyakulidla izwe lazo, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu ethembisile kini.