USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
UNumeri 33:51 - IsiZulu 2020 “Khuluma kwabakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ukuba ningene eKhanani, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani, Contemporary Zulu Bible 2024 Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani; |
USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,
“Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,
Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.