USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”
UNumeri 33:2 - IsiZulu 2020 UMose waloba ngohambo lwabo lapho besuka khona, nalapho babekanisa khona njengesiyalezo sikaSimakade. Nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose waloba ukuphuma kwabo njengezinyathelo zabo njengesiyalezo sikaJehova; lezi ziyizinkambo zabo ngohambo lwabo. |
USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”
Uma senihlaba umkhosi okwesibili izinkambu ezingaseningizimu ziyosuka, ziyohlaba umkhosi ekusukeni kwazo.
Nansi indlela abantu bakwa-Israyeli abahlelwa ngayo ngokwamathimba abo, ngesikhathi bephuma eGibhithe beholwa nguMose no-Aroni.
Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-15 lwayo; ngosuku olulandela olwephasika. Abakwa-Israyeli baphuma ngendumiso bebuka bonke abaseGibhithe.
Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.
USimakade wayesethi kimi: ‘Sukuma uhambe phambi kwabantu, ukuze bahambe, balidle izwe engafunga ngalo kokhokho babo ukubanika lona.’ ”