UNumeri 32:40 - IsiZulu 2020 UMose wanika uMakhiri, indodana kaManase, elakwaGileyadi, wahlala kulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose walinika uMagire indodana kaManase iGileyadi; wahlala kulo. |
“Leli lizwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini i-Arinoni, nengxenye yelezintaba kwaGileyadi, nemizi yalo, sakunika abakwaRubeni nabakwaGadi.
Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.