waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.
UNumeri 32:39 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase, badla elakwaGileyadi, baxosha ama-Amori ayekulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaMagiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, bawaxosha ama-Amori ayekulo. |
waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.
Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni,
Abozalo lukaManase: kuMakhiri: ngumndeni wabakwaMakhiri; uMakhiri wazala uGileyadi; kuGileyadi: ngumndeni wabakwaGileyadi.
Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.
babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.
Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.