Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.
UNumeri 32:19 - IsiZulu 2020 Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba ngeke senze amatulo phesheya kweJordani noma ngaphambili; ngoba ifa lethu lisempumalanga yeJordani. |
Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.
Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
Lezi zizwe ezimbili nengxenye zalithola ifa lazo phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, lapho kuphuma khona ilanga.”
Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona: