UNumeri 31:50 - IsiZulu 2020 Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho saletha umnikelo womlilo kuJehova abawutholayo, kwaba yilowo nalowo, izinto zegolide, namaketanga, namasongo, namasongo, namacici, nezibhebhe, ukwenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova. |
“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.
Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide.
Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.
zathi kuye: “Izinceku zakho zibale wonke amabutho asesandleni sethu, akukho nalinye elisalile.
UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide kubo, nawo wonke amagugu ezinto ezenziweyo.