Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
UNumeri 31:30 - IsiZulu 2020 Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.” Contemporary Zulu Bible 2024 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uyakuthatha enye emashumini ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nasemhlambini wezimvu, kuzo zonke izinhlobo zezilwane, ukunike amaLevi agcina imihlambi isevisi. Wetabernakele leNkosi. |
Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
Bacekela phansi amathende emfuyo, bathatha izimvu eziningi namakameli, babuyela eJerusalema.
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Umsebenzi wabozalo lwabakaGereshoni ethendeni lokuhlangana kwakungukunakekela ithabanakeli, ithende, isembozo salo, nekhethini elalisemnyango wethende lokuhlangana,
Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.
Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,
niyokuthatha engxenyeni yawo, nikunike u-Eleyazare, umphristi, kube ngumnikelo kuSimakade.
Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”
Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.
Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.
Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”
Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.
Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.