Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.
UNumeri 31:28 - IsiZulu 2020 Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuthathela uJehova intela emaqhaweni aphuma impi: umphefumulo oyedwa kwabangamakhulu ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nakuzo izimvu; |
Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.
Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.
Ngalolo lusuku bahlabela uSimakade okunye kwempango ababeyidlile; izinkabi ezingama-700 nezimvu eziyizi-7 000.
Ngaleso sikhathi abantu abade, abanesikhumba esibushelelezi, bayoletha izipho kuSimakade Wamabandla, zivela kubantu abesatshwa kude naseduze; isizwe esinamandla nesinqobayo, esilizwe laso lihlukaniswe yimifula. Bayoziletha entabeni iZiyoni, indawo yegama likaSimakade Wamabandla.
Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.
Iziqhingi ziyakungilindela, imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala ukuletha amadodana akho evela kude, ephethe isiliva negolide lawo, ekulethe egameni likaSimakade uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, okudumisile.
“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.
“Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi.
niyokuthatha engxenyeni yawo, nikunike u-Eleyazare, umphristi, kube ngumnikelo kuSimakade.
Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”
Engxenyeni eyatholwa ngu-Israyeli uMose, wathatha okukodwa kubantu nasezilwaneni wakunika abaLevi ababenakekela ithabanakeli likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Bathi: “NgokaKhesari.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”
Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.
Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.