“Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.
UNumeri 31:15 - IsiZulu 2020 UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na? Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uMose kubo: “Nibaphilise bonke abesifazane na? |
“Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.
Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.
UMose wazithukuthelela iziphathimandla zempi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, ezazibuya empini.
Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.
USimakade uNkulunkulu wakho uyowunikela esandleni sakho, wena uyobhubhisa abesilisa bawo ngenkemba.
Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.
UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.
Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.
Inani lalabo abawa ngenkemba ngalolo lusuku, abesilisa nabesifazane kwakuyizi-12 000, zonke izakhamuzi zakhona.
Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”