Abakwa-Israyeli bahamba, bakanisa emathafeni akwaMowabi, phesheya kweJordani maqondana neJerikho.
UNumeri 31:12 - IsiZulu 2020 Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko. Contemporary Zulu Bible 2024 Baletha abathunjwa, nempango, nempango kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nasenhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
Abakwa-Israyeli bahamba, bakanisa emathafeni akwaMowabi, phesheya kweJordani maqondana neJerikho.
UMose no-Eleyazare, umphristi, nazo bonke abaholi benhlangano baphuma bayobahlangabeza ngaphandle kwenkambu.
Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.
Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”