nayo yonke ingcebo, bathumba izingane, amakhosikazi, bakuphanga konke okwakusezindlini.
UNumeri 31:11 - IsiZulu 2020 Baphanga yonke impahla yabo, bathumba abantu nezilwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Athatha yonke impango nayo yonke impango yabantu neyezilwane. |
nayo yonke ingcebo, bathumba izingane, amakhosikazi, bakuphanga konke okwakusezindlini.
Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo.
Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho.
Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.
Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.
Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”
Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”