Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
UNumeri 30:6 - IsiZulu 2020 “ ‘Uma egana, emveni kokuba enze izifungo noma esheshe wakhuluma wazibophezela, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Uma enendoda, lapho ebophe isithembiso, noma esho utho oluphuma emlonyeni wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe; |
Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
“Abesifazane bathi kuJeremiya: lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyethulela iminikelo yokuphuzwayo, siyenzela amaqebelengwane anomfanekiso wayo, ucabanga ukuthi lokho esiyethulela khona, sasikwenza amadoda ethu engavumanga na?”
“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.
Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.
umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.
Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”