UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.
UNumeri 30:1 - IsiZulu 2020 UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi: Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wakhuluma ezinhloko zezizwe ngabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nansi indaba uJehova ayale ngayo. |
UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.
UMose wayesetshela u-Aroni wonke amazwi kaSimakade ayemthume wona, nazo zonke izibonakaliso ayemyale ukuba azenze.
Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.
“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.