Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
UNumeri 3:43 - IsiZulu 2020 Wonke amazibulo awabalayo kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ayeyizi-22 273. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Onke amazibulo esilisa ngenani lamagama, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisithupha nantathu. |
Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
UMose wawabala wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile.