UNumeri 3:34 - IsiZulu 2020 Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili. Contemporary Zulu Bible 2024 Labo ababalwayo ngenani labo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili. |
Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari.
Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli.