UBhezaleli wawakha umphongolo ngokhuni lomkhambathi; waba ngamakhubhithi amabili nengxenye ubude, yikhubhithi nengxenye ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama.
UNumeri 3:31 - IsiZulu 2020 Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho. Contemporary Zulu Bible 2024 Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo. |
UBhezaleli wawakha umphongolo ngokhuni lomkhambathi; waba ngamakhubhithi amabili nengxenye ubude, yikhubhithi nengxenye ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama.
Wabeka umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, wathela kuwo amanzi okugeza,
U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umphristi uyokwengamela abaLevi, abheke abenza imisebenzi endaweni engcwele.
Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sibakhanyisele bonke abasendlini.
Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.