UNumeri 3:20 - IsiZulu 2020 Amadodana kaMerari ngemindeni yawo: uMaheli noMushi. Leyo yimindeni yabaLevi ngezindlu zokhokho babo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaMerari ngemindeni yawo; UMahli noMusi. Lezi ziyizizukulwane zamaLevi ngemindeni yawo. |
KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade.
Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Nansi imindeni yabaLevi ngokokhokho babo:
AbaLevi base besukuma: uMahathi, indodana ka-Amasayi, noJoweli, indodana ka-Azariya, wozalo lwamaKhohathi. Kwabozalo lukaMerari: kwakunguKhishi, indodana ka-Abhidi no-Azariya, indodana kaJahaleli. Kwabozalo lukaGereshoni: kwakunguJowa, indodana kaZima no-Edene, indodana kaJowa.
Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.
Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.
Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi; yiyo-ke le imindeni yabaLevi ngezizukulwane zayo.
umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa.
Amadodana kaKhohathi ngemindeni yawo: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli.
KuGereshomi kwavela umndeni kaLibhini nokaShimeyi, lena yiyona imindeni yakwaGereshoni.
KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari.