Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 3:20 - IsiZulu 2020

Amadodana kaMerari ngemindeni yawo: uMaheli noMushi. Leyo yimindeni yabaLevi ngezindlu zokhokho babo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amadodana kaMerari ngemindeni yawo; UMahli noMusi. Lezi ziyizizukulwane zamaLevi ngemindeni yawo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 3:20
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ozalweni lukaMerari: u-Asaya umholi, nabafowabo, bengama-220;


KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade.


Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Nansi imindeni yabaLevi ngokokhokho babo:


Amadodana kaMerari: kwakunguMaheli, uLibhini, uShimeyi, u-Uza,


AbaLevi base besukuma: uMahathi, indodana ka-Amasayi, noJoweli, indodana ka-Azariya, wozalo lwamaKhohathi. Kwabozalo lukaMerari: kwakunguKhishi, indodana ka-Abhidi no-Azariya, indodana kaJahaleli. Kwabozalo lukaGereshoni: kwakunguJowa, indodana kaZima no-Edene, indodana kaJowa.


Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.


Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.


Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi; yiyo-ke le imindeni yabaLevi ngezizukulwane zayo.


umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa.


Amadodana kaKhohathi ngemindeni yawo: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli.


KuGereshomi kwavela umndeni kaLibhini nokaShimeyi, lena yiyona imindeni yakwaGereshoni.


KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari.